Abazali Abangathuli Nezinsolo Zokunukubezwa Kwabafundi- Mshengu

Written by on 3 August, 2022

By: Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uKwazi Mshengu, usenxuse abazali besikole samabanga aphezulu iSukuma High School ukuthi baphumele obala mayelana nezinsolo zokudlwengulwa kwabafundi abathi zenzeka kule sikole.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule kube nokuphazamiseka kokufunda kulesi sikole nengoba abazali nabantwana bebebhikisha.

NgoMsombuluko kuphinde kwaba nesiteleka, abazali bebhikisha ngoba bethi kunezinkinga ezikhugethe leskole.

Ezinye zezinkinga ezikhona, abazali bathi kunokudlwengula kwabafundi abahlala ngaphakathi okwenzekayo kodwa okunyathelwa ngezinyawo.

Ekhuluma nabazali uMshengu uthi lolu daba ludinga amaphoyisa, ngakho ke abavele obala abafundi abayizisulu zokunukubezwa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background