Abazali kumele babhekisise izinto ezibukwa yizingane kumabonakude

Written by on 19 February, 2020

Ibhodi elibhekelele ezikaqedis’zungu, selixwayise abazali ukuthi babhekisise izinto ezibukwa yizingane zabo kutelevision nasezinkundleni zokuxhumana.

Oyisikhulu esiphezulu se Film and Publications Board, u-Abongile Mashele, uthi baningi abantwana abagcina behlukumekezeka ngokomqondo ngenxa yokubuka izinto ekungafanele ukuthi bazibuke ngoba basebancane.

uMashele usho kanje kulandela ukuboshwa kwabalisa abahlanu abatholakale namaselula, amaComputer kanye nama USB, aqukethe izithombe nama video athinta izingane ezigamekweni zocansi.

uMashele uthi ke abazali abavikele baphinde baluleke izingane zabo ngezinto ezingalungile.

Listen here:

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background