Abazalwane Abayizwa Eyokuvalwa KwePhasika

Written by on 26 March, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Umkhandlu obhekele ezamabandla iSouth African Council of Churches (SACC) uthi awuyizwa kahle indaba yokuthi kungase avalwe futhi amasonto kuleli Phasika.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule ikomiti eleluleka umkhandlu wongqongqoshe ngeCOVID-19, lahoxisa izinkozo zephasika ngenxa yokukhathazeka ngokusabalala okusheshayo kwaleligciwane.

UNobhala-Jikelele weSACC uMbhishobhi Malusi Mpulwana uthi bafunde lukhulu ngalaligciwane kulezi zinyanga ezedlule.

Uqhuba ngokuthi uyakholwa ukuthi amabandla asekulungele kangcono ukwamukela abazalwane ezinkonzweni zephasika lalonyaka.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background