Abe-Gun Free SA Kweyokubulawa Kuka-AKA Ngesibhamu
Written by Mduduzi Phungula on 19 February, 2023
By: Sthulile Mdletshe
Inhlangano ebhekelele ukusetshenziswa kwezibhamu kuleli i-Gun Free South Africa ithi kumele kuqiniswe imithetho egunyaza ukutholwa kwezibhamu.
Umqondisi Jikelele walenhlangano u-Adele Kirsten uthi uma ubheka izigameko zakamuva ziyakhomba ukuthi abantu izibhamu abazisebenziseli ukuzivikela kodwa bayabulala ngazo.
Uthi Nesigameko sokudutshulwa komculi u-AKA sakamuva siyakhomba ukuthi inqwaba yezibhamu ezingekho emthethweni ezisabalele izwe lonke.
Izibalo zobugebengu zakamuva zikhomba ukuthi bangaphezulu kuka-7ooo abantu ababulewe phakathi kukaOctober noDecember ngonyaka owedlule.
UKirsten uthi iNingizimu Afrika inenkinga yodlame ngako kusamele ifakelwe izibuko indaba yemithetho elawula ukusetshenziswa kwezibhamu.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.