Abesifazane Abangu 48, Bavalwe Inzalo Ngaphandle Kwemvume Yabo

Written by on 25 November, 2020

By: Zilungile Mkhize

Umnyango wezempilo kuzwelonke uthi uzoqhubeka uphenye ngezigameko zokuvalwa inzalo abantu besimame abaphila ne HIV, ngaphandle kwemvume yabo.

Uthi imiphumela yophenyo olwenziwe ikhomishana ebhekelele ezokulingana ngokobulili, ikubeka kucace ukuthi kwaphulwa imithetho eminingi ngalesenzo.

Lekhomishana ithole ukuthi abantu abesifazane abangu 48, ababeyobeletha ezibhedlela, baba yizisulu zokuvalwa inzalo ngaphandle kwemvume yabo ngoba bephila neHIV kanti manje bafuna ubulungiswa.

Usihlalo walekhomishana uTamara Mathebula, uthi akekho umuntu okufanele aphucwe ilungelo lakhe lokuzithathela izinqumo ekubeni ephila saka.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background