Abesifazane Babhoboka Ngokunukubezwa Ngabefundisi

Written by on 26 November, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Abesifazane asebebe yizisulu zokudlwengulwa ngabefundisi bamasonto ahlukene sebechaze izimo zokuhlukunyezwa kwabo njengento okusenzima ukudlula kuyona.

Bathi ngisho nengalo yomthetho iyahluleka ukubavikela, kanti namacala abawavula emaphoyiseni asevele aphelela emoyeni.

Laba besifazane, izinhlaka ezahlukene zikahulumeni, umphakathi, abaholi bendabuko kanye nabafundisi bebebambe imashi endaweni yase Mkhambathini maphakathi nesifundazwe ngaphansi komkhankaso wezinsuku ezingu 16 zokulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

U-Nompendulo Ngubane uyabika.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background