Abesimame Bakhuthazwa Ukuba Bahambe Ezinyathelweni zikaMaxeke.

Written by on 7 April, 2021

By: Sanelisiwe Dlngamandla

UMengameli wophiko lwabesifazane lwe ANC, uBathabile Dlamini, usencome amagalelo aloyo owayesishoshovu somzabalazo, uCharlotte Maxeke.

uDlamini usethule inkulumo ekhethekile emathuneni okwangcwatshwa kuwo uMaxeke eGoli, lapho kubungazwa khona amagalelo akhe emzabalazweni wenkulukeko yabobonke abantu kulelizwe.

Sekuphele iminyaka engu 150 kwazalwa lesishoshovu ngalolusuku ngo 1874, washona eseneminyaka engu-65 ngomhlaka 16-October-1939.

uDlamini uthi uMaxeke wangena eminyangweni eyayingavumelekile ukungena abantu besifazane kudala, ngenxa yokuhlakanipha nokuzimisela kwakhe.

“Wayeyi interlectual, eyi unionist, eyi communist futhi eyi artist. Kangangokuthi namakhosi amuthatha ukuthi azohlala enkundleni, ngalezozikhathi umuntu wesifazane wayengalibeki enkundleni,” kuchaza uDlamini.

Uqhuba ngokuthi lokhu kumele kukhuthaze abantu besifazane ikakhulu intsha esazama ukuzakhela ikusasa.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background