Abezempilo Bathi Bayasamkela Isimemezelo Nge COVID-19.

Written by on 8 May, 2023

By: Pamella Majola

Umnyango Wezempilo uthi uyasamukela isimemezelo senhlangano iWorld Health Organisation (WHO) sokuthi iCovid 19 ayisasona isimo esiphuthumayo, futhi esikhathaza umhlaba wonke.

Nokho, lomnyango uthi lesimemezelo asisho ukuthi lolubhubhane seluphelile kodwa kusadingeka ukuthi abantu bahlale beqaphile futhi belandela inhlanzeko.

Okhulumela umnyango uFoster Mohale, uthi njengamanje isibalo sabantu abatheleleka nge-Covid 19 kulelizwe, sesiphansi kakhulu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background