Abezepolitiki bafuna yandiswe imali yokulwa nokubulawa kwabalimi

Written by on 31 August, 2020

Abanikazi bamupulazi kanye nabasebenzi basemapulazini sebeshaqiswe esinye futhi isigameko sokubulawa kwabanini bepulazi kulesisfundazwe.

Kulempelasonto esiphuma kuyo abalimi kanye nabasebenzi bamapulazi bebebambe imashi yomkhankaso othi phansi ngokubulawa kwabanikazi bamapulazi kuleli.

Akuphelanga mahora amangakanani ngaphambi kokuba kubulawe owesilisa ona63 kanye nomkakhe ona60 eplazini labo eNormandien, phambi kwaseNewcastle enyakatho yesifundazwe.

Okhulumela amaphoyisa kulesifundazwe, uNqobile Gwala, uyachaza ngalelicala.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

Khonamanjalo Amaqembu aphikisayo kulesfundazwe asenxuse uhulumeni ukuthi afake imali ethe xaxa ekuqiniseni impi nesihlava sokubulawa kwabalimi kulesfundazwe.

I-DA ngomlomo, kaChris Pappas, ithi uhulumeni uyishaya indiva indaba yokubulawa kwabalimi.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

Kanti iFreedom Front Plus yona ngomlomo, kaLourie Bosman, uthi ukuntuleka kwezimali ezizoqinisa ezokuphepha yiko okuholele ekutheni lenyuke izinga lobugebengu emaplazini, nathi yinto engaguquka ngosizo lukahulumeni.

By: Sanelisiwe Dlangamandla


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background