Abezikhungo Sezindiza Bakhathazeke Ngokuphepha Kwabagibeli

Written by on 8 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

Inkampani ebhekelele izikhumulo zezindiza iAirports Company South Africa (ACSA) ithi ikhathazekile ngokuphepha kwamakhasimende ayo njengoba sekwande ama metre taxi asebenza ngokungemthetho ezikhumulweni zezindiza ezinkulukazi zakuleli.

I-ACSA ithi ininga lama metre taxi ligcwele e-King Shaka Airport, Cape Town International kanye nase OR Tambo International.

Okhulumela lenkampani uRefentse Shinners, uthi ukuphepha kwabagibeli bamabhanoyi kuba sengcupheni njalo uma befika kulezikhumulo njengoba bebangwa njengenyama ukuthi bayogibela ezimotweni zabo.

Uthi iningi lazo azibhalisile nezikhumulo, nokwenza kube nzima ukuthi umuntu athole ukusizakala uma ehlangabezana nenkinga emehlela ekuleyo moto. Uqhuba ngokuthi nezigilamkhuba ezibamba inkunzi abagibeli, zizenza abashayeli balamatekisi, kanti zizokwenzakalisa umgibeli endleni.

U-Shinners usenxuse amakhasimende abo ukuthi asebenzise izimoto ezibhalisile ne-ACSA nezibonakala ngezisitikha zalesikhungo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background