Abezindawo zokudlela bakhala ngokushiywa ngaphandle
Written by Lethiwe Mdluli on 28 May, 2020
Oyisikhulu esiphezulu senhlangano yezindawo zokudlela i-Restaurant Association of South Africa, uWendy Alberts, usesole umengameli, uCyril Ramaphosa, ngokuzishay’indiva izitolo kanye nezindawo zokudlela, phecelezi ama restaurants.
Kuzokhumbuleka ukuthi umengameli usanda kumemezela ukuthi izwe lizokwehlela ku level 3 welockdown, nokusho ukuthi amabhizinisi amaningi azovulwa, ngisho namabandla imbala.
Kodwa ama-restaurants namanje awakavumeleki ukuthi avule ngokuphelele.
U-Alberts uthi lemboni ibukelwa phansi ekubeni idlala indima enkulu ekwakheni amathuba emsebenzi egcizelela ngokuthi uma evula amasonto kuzomele nabo bavumeleke ukusebenza ngokuphelele ngaphansi kwemigomo efanayo.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Zilungile Mkhize