Abokufika Bafuna Izingane Zabo Zithole Amalungelo Akuleli
Written by Mfundo on 9 December, 2021
By: Zilungile Mkhize
Inhlangano ebhekelele abokufika kuleli i-Consortium for Refugees and Migrants in South Africa (CORMSA) isicele umnyango wezasekhaya ukuthi wenzele zonke izingane ezizalelwe kulelizwe izitifiketi zokuzalwa.
Lenhlangano isimashele emnyangweni wezasekhaya ePitoli, ifuna amalungelo alinganayo ezingane ezizalwa abokufika kuleli.
Ithi kuyadumaza ukuthi uhulumeni walapha eNingizimu Africa uwashaya indiva amalungelo alezingane, ikakhulu njengoba umthethosisekelo ukubeka kucace ukuthi bonke abantwana abakhona kuleli kumele banakekelwe ngendlela efanayo, ngisho noma bengabokufika.
Okhulumela iCORMSA, uTifhulufeli Sinthumule uthi izingane ezingenazo izitifiketi zokuzalwa zibhekana nezinkinga eziningi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.