Abokufika Nabakuleli Babanga Imisebenzi – Motsoaledi

Written by on 16 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezasekhaya uAaron Motsoaledi uthi ukungezwani okukhona okubonakala phakathi kwabantu bakuleli kanye nabokufika kudalwa ukungabibikho kwamathuba emisebenzi.

U-Motsoaledi ubephendula imibuzo ephalamende, umnyango wakhe okwenzayo ukuqeda olayini emnyangweni wezasekhaya, ukuqinisekisa ukuthi imingcele yakuleli iphephile futhi akungeneki kalula.

Emasontweni ambalwa adlule kubheduke inhlangano ezibiza ngo-Dudula engena izitolo kanye nezindawo zokuhlala eGauteng, ithungatha abantu bokufika abanganezo izimvumo zookuba kuleli.

Kanti nasezinkundleni zokuxhuma kuke kwavungazela umkhankaso i-#PutsSouthAfricaFirst, nayo eyayizwakalisa ukungenami ngokunikezwa kwemisebenzi kwabokufika.

U-Mostoaledi uthi lemikhankaso akayiboni kungeyokucwasa kodwa idalwa ukuncintisana kwamathuba emisebenzi nawo angakho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background