Afela Ngaphakathi Amadoda Ahlukunyezwayo- Lifeline
Written by Mduduzi Phungula on 20 July, 2023
By: Nompendulo Ngubane
Inhlangano ebhekelela ukuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane iLifeline ithi maningi amadoda ayizisulu zokuhlukunyezwa kodwa ayesaba ukuphumela obala.
Ukuphawula kwalenhlangano kuqhamuka njengoba izwe lakuleli libungaza inyanga yamadoda uJuly.
Umlawuli we-Lifeline uSnikiwe Biyela uthi lenhlangano iyayithola imibiko yamacala abantu besilisa abasuke beshayiwe noma bedlwenguliwe.
UBiyela uthi inselelo ababhekana nayo ukuthi iningi lamadoda liyesaba ukuphumela obala mayelana nezinkinga asuke ebhekene nazo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.