Ahoxisiwe wonke amacala enkohlakalo abebhekene no Zizi Kodwa.
Written by Phakeme Mnguni on 1 November, 2024
By: Phake Mnguni
Amacala enkohlakalo abebhekene nowayenguNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uZizi Kodwa asehoxisiwe.
Isinqumo sokuhoxiswa kwalamacala silandela izethulo azenziwa kanye naloyo abesolwa naye.
U Kodwa noJehan Mackay bavele kafushane ngoLwesihlanu eNkantolo Yamacala Ezohwebo, ehleli ePalm Ridge, lapho uMbuso umemezele khona isinqumo sikaMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi, sokuhoxisa amacala.
U Kodwa ubesolwa ngokwamukela u-R1.6 million wokugwazelwa nguMackay, owayeyisikhulu kwa-EOH, ukuze athole amandla ezinkontilekeni.