Akamiswe uRamaphosa – Magashule

Written by on 10 June, 2022

By: Lindelai Mbatha

Unobhala weANC osamisiwe uAce Magashule uthi umengameli uCyril Ramaphosa kumele naye enze okufanayo njengoba kwenza owayengungqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize owagudluka esikhundleni kulandela ukusolwa ngenkohlakalo.

uMagashule ubekhuluma nabezindaba njengoba ebezovela kafushane enkantolo yamajaji eBloemfontein nezinsolo zenkohlakalo.

Lezi zinsolo zibandakanya imali engango R255 Million we tender yokususwa kuka- abestors ezindlini okuthiwa yakhwatshaniswa ngesikathi esangundunankulu eFree State.

UMagashule uthi uRamaphosa uhluke ngani kwabanye abaholi beANC.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background