Akaneme “Ngezinsolo Ezingamanga” Owakwikhomishana KaZondo

Written by on 9 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Owayeyisikhulu esiphezulu kwaTransnet uSiyabonga Gama, usefake isicelo kukhomishana ephenya ngeState Capture sokunikezwa imvume yokupheka ngemibuzo ufakazi owenza izinsolo ngaye, uChristopher Todd.

uGama usola uTodd, nowayesebenza njengomseshi, ngokuhubhuza amanga ngaye kulekhomishana.

Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe, uTodd wathi uGama wayenokugxambukela njalo uma kuphenywa ngezigameko ezithize kwa Transnet, waphinde waqinisekisa inkontileka yezigidi zamarandi ngaphandle kokufunda ukuthi imayelana nani.

Ngaphezu kwalokhu, uthi wayehluleka ukusebenzisa imali ngendlela efanele.

UMmeli ka Gama uKennedy Oldwich uthi bafuna ukuzwa kahle ukuthi kungani uTodd enza lezinsolo ezingamanga.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background