Akekho Ophikisa Elokubuyela Kwabafundi Ezikoleni – Motshekga

Written by on 8 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisisekelo, uAngie Motshekga, uthi noma kanjani abafundi basezikoleni zamabanga aphansi bazobuyela bonke makuvulwa izikole ngoJuly.

uMotshekga udalule lokhu ngesikhathi kuqhubeka inkulumo mpikiswano ngesabelomali somnyango wakhe sika-R288 billion ePhalamende.

Iningi labafundi belishitshana ngokuya esikoleni njalo ngesonto kusukela kwabheduka iCOVID 19 ngonyaka odlule, abanye bebezithola beyakabili noma kanye ngeviki.

Uhulumeni ubenokwesabela ukuthi ukuya kwabo esikoleni ngobuningi kuzobhebhethekisa leligciwane.

uMotshekga uthi bavumelene ngo elethu ukuthi abafundi emaPrimary sebengaya esikoleni nsuku zonke.

Motshekga uqhuba ngokuthi usesehlisile isabelomali somnyango wezemfundo KwaZulu-Natal.

Lemali incipha nje lesisifundazwe simatasa sizama ukuqeda nya izindlu zangasese zemigodi ezikoleni.

Ngesikhathi uNgqongqoshe wezemfundo kulesisifundazwe, uKwazi Mshengu, ethula isabelomali somnyango ngenyanga eyedlule, waveza ukuthi sebekwazi ukwakha izindlu zangasese ezikoleni ezingu-410 kulezo ezingu 1377 ezisakhona ezikoleni.

uMotshekga uthi isabelomali somnyango wakhe sehle kakhulu kulonyaka.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background