Akekho Umfundi Ekumele Akhokhe Imali Yokubhalisa- NSFAS

Written by on 16 February, 2023

By: Pamella Majola

Umnyango wezeMfundo emazingeni aPhakeme uthi akekho umfundi okhokhelwa yisikhwama esixhasa abafundi ngemali i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), ekumele akhokhe imali yokubhalisa.

Okhulumela lomnyango u Ishmael Mnisi uthi banethemba lokuthi nezikhungo zemfundo ephakeme zizoqhubeka nokulandela lomthetho.

Ukuphawula kwakhe kulandela ukuphuma kombiko othi kukhona abafundi asebetshelwe ukuthi kumele bakhokhe imali yokubhalisa eUniversirty of the Free State.

UMnisi uthi uma lokhu kuyiqiniso, kuzomele abafundi baye emahhovisini aka-NSFAS.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background