Akhathazekile Amaphoyisa Ngokwanda Kobugebengu E-KZN

Written by on 27 March, 2023

By: Pamella Majola

Amaphoyisa esfundazweni saKwaZulu-Natal athi akhathazekile ngokwanda kobugebengu esifundazweni.

Lokhu kulandela ukubulawa kwabantu abawu-10 esikhathini esingamahora angu-72 ngesonto eledlule.

NgoLwesibili kudutshulwe kwabulawa abanikazi bamatekisi ababili ngaphansi kwasosesheni iDurban Long Distance Taxi Association ngaseBerea, eThekwini.

Kwesinye isigameko, owesilisa okusolwa ukuthi udayisa izidakamizwa, ubulawe eSpringfield nomkakhe kanye nendodakazi yakhe.

NgoLwesine kwadutshulwa kwabulawa abantu abawu-5 kwathi ababili bathola amanxeba okudutshulwa ezigamekweni ezimbili ezahlukene oThongathi enyakatho yeTheku.

Okhulumela amaphoyisa esfundazweni, uRobert Netshiunda, usenxuse amalungu omphakathi ukuthi abambisane nabomthetho ukunqanda ubugebengu.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background