Akukakapheli Ngelika Namhla – Cele

Written by on 13 June, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi liyaqhubeka nokuphenywa icala lokubulawa kuka Namhla Mtwa.

U-Mtwa ubeyisisulu sokuhlukunyezwa yisoka lakhe esaphila, kanti namanje kunezinsolo zokuthi ubulawele kona ukuphuma ebudlelanweni bakhe nalelisoka.

Ukufa kwakhe kuvuse ulaka kubantu besifazane bakuleli ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngokuthi isihlava sokubulawa kwembokodo siyanyuka kunokuba siphele.

Kulelisonto abalandeli balelicala bebegxeka amaphoyisa akuleli ngokungambophi umsolwa, nakuba izithombe zakhe zigwecele izinkundla zokuxhumana.

U-Cele uthi amaphoyisa ayaqhuba nokucubungula bonke ubufakazi obulethiwe.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background