Akukho Muntu Owabulawa Nguyise Ka-Dr Nandipha- NPA
Written by Mduduzi Phungula on 17 April, 2023
By: Pamella Majola
Uphiko lezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA), iseilihoxisile icala lokubulala ebelibekwe uZolile Sekeleni, nokubaba ka Nandipha Magudumana osolwa ngokulekelela umbulali uThabo Bester eqe ejele.
USekeleni ubevele phambi kwenkantolo kaMantshi eBloemfontein namuhla, ngezinsolo zokusebenzisana nendodakazi yakhe kanye nabanye ekuhleleni ukukhishwa kuka Bester ejele.
Ube esededelwa nge bheyili ka R10 000.
Okhulumela i-NPA uPhaladi Shuping uthi uphenyo lwabo akukho lapho lukhombisa khona ukuthi uSekeleni kukhona umuntu amubulala, noma aba nesandla ekutheni abulawe.
Ekhuluma ngaphandle kweNkantolo uShuping uthi okwamanje uSekeleni usabekene namacala amathathu kuphela.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.