Selibashonele Abangakazivuseleli Izincwadi Zokushayela

Written by on 8 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezokuthutha uFikile Mbalula uthi asikho esinye futhi isikhathi esizonikezwa labo abanezincwadi zokushayela eseziphelelwe yisikhathi.

U-Mbalula ubekhuluma nabezindaba njengoba ebehlola ukusebenza kwesinye sezikhungo ezihlolela ukushayela eGoli.

Ngonyaka owedlule uhulumeni wamemezele ukuthi sizophela ngoMarch wakulonyaka isikhathi sabantu abanezincwadi zokushayela eziphelelwe yisikhathi.

Lesisikhathi sasinikezwe abashayeli izicwadi zabo ezaphelelwa isikhathi emvakokuba kufike iCOVID-19, okwenza kuphele iminyaka emibili manje.

U-Mbalula uthi akukho shwele wanikezwa abashayeli futhi makuphela uMarch.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background