Akushintshwe u-R350 Wenziwe u-R1500 – Vavi
Written by Mfundo on 25 February, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iSAFTU uthi uzoqhubeka nokuphakamisa ukuba isibonelelo sabantu bakuleli abangasebenzi senyuswe.
Unobhala jikelele we-SAFTU,uZwelinzima Vavi, uthi lo-R350 oholwa abantu kufana nokuthi uhulumeni uyabathuka uma kuqhathaniswa nendlela ukudla, ugesi, kanye namanzi kubiza ngako kuleli.
U-Vavi uthi bona baphakamisa ukuthi okungenani abantu ababonelelwe ngemali engango R1500.
Uthi nayo leyomali ayanele kodwa ingcono kuno R350 ngoba wona ufana nokuthela amanzi emhlane wedada.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.