Akusikhathazi Okwenziwe NguTeffo- Umndeni KaMeyiwa

Written by on 13 July, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Umndeni kanozinti weBafana Bafana ongasekho uSenzo Meyiwa uthi uyamkholwa ummeli uMalesela Teffo othi uyasongelwa ngalelicala.

Ubhuti ka Meyiwa uSifiso uthi uTeffo ukhulume nabo njengomndeni mayelana nesinqumo  sakhe.

uTeffo ushaqe abaningi ngesikhathi ememezela izolo enkantolo ukuthi ngeke esaqhubeka nokummela amakhasimende akhe ecaleni lika Meyiwa.

Umfowabo Meyiwa uqhuba ngokuthi bayazi nanokuthi ngobani abamsongelayo.

Uthi ke asibathusi isinqumo asithathile sokubeka impilo yakhe kuqala.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background