Akwaziwa Uzobuya Nini uRamaphosa Kwikhomishana kaZondo

Written by on 27 May, 2021

By: Bright Ntuli

Ikhomishana ephenya izinsolo zokudliwa kombuso, iState Capture Commission, isikuqinisekisile ukuthi umengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngeke esavela phambi kwalekhomishana njengoba bekuhleliwe.

Estatimendeni esifushane esikhishwe yilekhomishana ayichazanga ke nokho ukuthi kungani uRamaphosa engasezuvela.

Ngowezinhlelo zayo, umengameli bekumele azokwethula ubufakazi phambi kwalekhomishini ngoMsombuluko nangoLwesibili ngesonto elizayo.

Kanti ubezofakaza njengomengameli wezwe kanye nangokwenzeka phambilini ngeskhathi esangusekela mengameli.

Ikhomishana ithi izinsuku ezintsha azovela ngazo uRamaphosa zisazomenyezelwa.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background