Alindeleni Amaqembu KuZikalala?

Written by on 25 February, 2021

By: Lindelani Mbatha

Amaqembu ezombusazwe KwaZulu-Natal athi alindele ukuzwa ukuthi undunankulu uSihle Zikalala uzothini ngentuthutho kanye nokugomela igciwane iCOVID 19.

uZikalala kulindeleke ukuba athule iState of the Province address namhlanje.

Ngonyaka owedlule uNdunankulu wabalula kakhulu ukuthi uhulumeni wakhe uzogxila kakhulu ekuthuthukiseni umnotho, ukudala amathuba emisebenzi kanye nokulwa nenkohlakalo.

Usihlalo weIFP kulesisifundazwe uThami Ntuli uthi kuyakhathaza ukuthi izakhamuzi sezakujwayela nje ukungabi nawo amanzi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, umholi weEFF kulesisifundazwe uVusi Khoza uthi bafukuzwa ukuthi isifundazwe sizokwenzenjani ukudalal amathuba emisebenzi, kanye nokulwa nenkohlakalo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background