Alukakabuyi uzinzo eThekwini
Written by Lethiwe Mdluli on 2 May, 2019
By: Zilungile Mkhize
Amaphoyisa asankanisile eThekwini lapho eqaphe khona isimo njengoba abasebenzi bamasipala beqhubeka nesiteleka sabo.
Labasebenzi bamashele edolobheni namuhla beqhuba umkhankaso wabo mayelana nodaba lokwenyuselwa amaholo ngendlela ehlelekile.
Bathi abahambisani nesenzo somkhandlu sokuqasha abantu boMkhonto Wesizwe ezikhaleni ebezikhona ekubeni kunenqwaba yabasebenzi abangaqashiwe ngokuphelele.
Amaphoyisa athi azoqhubeka nokuqapha idolobha.