Alukakacaci Elokuvala Imingcele Ngenxa yeCOVID-19

Written by on 5 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umhlaziyi wezepolitiki ethinta amazwe omhlaba, uWandile Msomi, uthi uhulumeni wakulelizwe kuzomele uphume nesinqumo mayelana nokuvalela imingcele wonke amazwe anezinhlobo ezinobungozi zeCOVID-19.

Usho kanjena nje, ungqongqoshe wempilo uZweli Mkhize usecele ikomidi longqongqoshe elibhekelele ezeCOVID-19 ukuba lize nesinqumo mayelana nodaba lokuvalela ngaphandle amazwe osekubheduke izinhlobo ezingaziwa zaleligciwane.

Kumanje kunomkhumbi osuke eIndia opake echwebeni laseThekwini, abasebenzi bawo abangu 14 bahaqwe yiCoronavirus.

Kuzokhumbuleka ukuthi eNdiya izakhamuzi zakhona zibhuqabhuqwa wuhlobo oluthize lweCOVID-19, osekuvele ukuthi lunamandla ngaphezu kwalolu olukhona la eNingizimu Africa, nokungacaci noma imigomo ethengwe nguhulumeni waleli ingakwazi yini ukubhekana nalo.

uMsomi uthi kumele lamazwe avalelwe imngcele isimo singakophumi esandleni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background