Alukakapheli Ole-CR17
Written by Mfundo on 26 July, 2021
By: Sthulile Mdletshe
UMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane usefake isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo sokuba kuhoxiswe isinqumo sokuchita uphenyo ngomkhankaso wokhetho we-CR17.
Kuzokhumbuleka ukuthi lenkantolo igxeke yaphinde yachitha uphenyo luka Mkhwebane, alwenza ngolomkhankaso wokhetho ka-Cyril Ramaphosa wokuba ngumholi we-ANC ngo-2017.
Ngokusho kwenkantolo, uMengameli uRamaphosa akukho okumbophezela ukuthi adalule ukuthi imali axhaswa ngayo wayithathaphi nokuthi yasebenza kanjani.
Kutholakale ukuthi loluphenyo alukho emothethweni.
I-ConCourt ayigcinanga ngokulichitha leli cala, kodwa yaphinde yayalela uMkhwebane ukuba akhokhe zonke izindleko zecala.
Okhulumela ihovisi lika Mkwebane uOupa Segalwe uthi kuningi abakuthole kungahambisani nomthetho, ngakho bazophikelela khona enknatolo bayosiphikisa lesi sinqumo.