Ama-MBA’s Agqugquzela Abasafufusa

Written by on 4 December, 2022

By: Dawud Phungula

Inhlangano engenzinzuzo iBavundulule Foundation ithi umcimbi wezindondo Ama-Mlwazet Bavundulule Awards (MBA) ashintsha impilo yamaciko amaningi nosomabhizisi yize engalitholi uxhaso.

Umsunguli walezi zindondo, ULwazi Mdladla, usho kanje emcimbini wamnyaka yonke wezindondo obubanjelwe eThekwini.

Uthi lezi zindondo zihlose ukugqugquzela abantu abasha abafuna ukukhula ezindimeni ezahlukene kanjalo nalabo abasebenza kakhulu nomphakathi.

Abanqobe kulomcimbi bathole izindondo ezihamabisana nemali engu-R1500,  bazophinde bathole ithuba lokuba nezingxoxo emsakazweni nakumabonakude.

UMdladla uyachaza.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Abanqobile bathi lezi zindondo zizoletha olukhulu ushintsho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background