Ama-Shower Amancane, Kudilika Imithangala, Amanzi Angena Endlini… – Umphakathi Ukhala Ngemixhaso

Written by on 22 February, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Umphakathi wasendaweni yakwaPata,  eMaritzburg esifundazweni iKwaZulu-Natal,  uthi yize usishayela izandla isenzo sika hulumeni wesifundazwe sokwakha kabusha izindlu zawo kodwa uthi zisekhona izinkinga ofisa ukuthi zilungiswe futhi kulezindlu.

Izindlu zalo mphakathi ezindala ezazakhiwe ngocingo nosemende zadilizwa kulandela ukuthi umphakathi ukhale ngokubanjwa ugesi uma liduma noma kunenkinga kagesi.

Kumanje sekwakhiwe ezintsha  kanti abanikazi balezo eseziqediwe sebeqalile ukuhlala kuzo.

UNdunankulu uSihle Zikalala ehambisana noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uPeggy Nkonyeni bavakashele lendawo, ngeSonto, ukuzobheka ukuthi ngabe uhlelo lokwakhiwa kabusha kwalezindlu luqhubeka ngendlela okuyiyona yini.

Bekhuluma nezindaba ze Gagasi FM labo asebehlomule ngalezindlu basho kanje.

Khonamanjalo uNgqongqoshe  uNkonyeni, uthi ukungaqeqesheki kanye nokushoda kobuchwepheshe enye yezinto eyenza ukuthi kube nezinkinga ezinhlelweni zokwakhiwa kwezindlu zomphakathi.

Ekhuluma endaweni yakwa Pata lapho ehlole khona ukuthi ngabe uhlelo olusha lokwakhiwa kwalezi zindlu olubize uR82 million.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background