Amabhizinisi Asaqhubeka Nokungayilandeli Imigomo yeCOVID-19
Written by Mfundo on 12 January, 2021
By: Lindelani Mbatha
UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho kulesisifundazwe uRavi Pillay uthi uphoxekile ukuthi kusanezinkampani ezingayilandeli imigomo kahulumeni yokuvalwa kwezwe.
Ngesonto eledlule lomnyango ubambisene nabomthetho, bahambele omasipala abahlukene okubalwa kubo EThekwini, Abaqulusi, uMsunduzi, uMkhambathini, Impendle kanye ne Kokstad, ukuhlola ukuthi osomabhizinisi bayayilandela yini imigomo kahulumeni.
Ngesikhathi beqhuba loluhlelo kube sekukhishwa izexwayiso kwaphinde kwavalwa amabhizinisi angu-37, kwaboshwa abantu abangu-66, kwatholakala nabokufika abangu-18 abangenazo izimvumo zokuba kuleli.
Oyisikhulumi sikaPillay uBheki Mbanjwa, uthi uma osomabhizinisi abangayilandeli imithetho kuzophoqa ukuba bathathelwe izimvume zokusebenza.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.