Amabutho Asethathe Imikhonto Ayiphakamisa
Written by Mfundo on 17 March, 2021
By: Zilungile Mkhize
Izinkumbi zamabutho sezithelekile emakhazeni endawo, kwaNongoma enyakatho yekwaZulu-Natal, ukuyohlangabeza umzimba weSilo samabandla.
Lamabutho akhuza phezulu ngamahubo ahlukene nangezibongo zikaNgazwelakhe, njengoba elindelele ukuba kudedelwe umzimba bawuphelezele ubuyele ekhaya ebukhosini.
Khonamanjalo uMeya waKwaNongoma uAlbert Mncwango uthi lolu usuku okumele luhlonishwe kakhulu, njengoba kusihlwa kuzotshalwa uHlangalomhlabathi.
uMncwango uthi umgwaqo omkhulukazi osuka emakhazeni ubheke esigodlweni bawuvale thaqa, njengoba kuqhubeka loluhlelo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
UNgqonqgoshe wezempilo, u-Zweli Mkhize, uthi ukutshalwa kweSilo samabandla kanye nenkonzo yesikhumbuzo kuzokwenziwa ngokulandelwa yonke imigomo yeCOVID-19.
UMkhize uthi uyakuqonda ukuthi uZulu wonkana kanye namabutho, unesifiso sokuba esigodlweni seSilo kwaKhethomthandayo KwaNonongoma, kodwa kumele kukhumbuleke ukuthi kunobhubhane lwe COVID-19.
Ukutshalwa kwesilo kuzokwenziwa namuhla kusihlwa.
UMkhize uthi bazosebenzisana namakhosi ezigodi ezihlukene, ukuba kuyalwe amabutho ukuthi angayiphuli imigomo yokugwema ukubhebhetheka kwaleligciwane.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.