Amaciko athi ayivulwe manje imboni yawo
Written by Lethiwe Mdluli on 2 September, 2020
Amaciko emikhakha ehlukahlukene endimeni yezikaqeda isizungu kulesfundazwe, avale thaqa umgwaqo onguthelawayeka uN3, ngasenxanxatheleni yezitolo iPavillion, ethi akuvulwe umkhakha wezobumnandi.
Sekusuke esinamathomba phakathi kwalamaciko okukhona kuwo oDJ, abalingisi, abahleli bemicimbi kanye nabaculi, egijimisana namaphoyisa kulandela ukuvala kwawo umgwaqo osekudale isiminyaminya.
Ongusekela sihlalo wenyunyana yamaciko kulesfundazwe, uBhotsotso Mahlaba we Cultural and Creative Industrial Federation of South Africa unaba ngombhikisho wabo wanamhlanje bengamaciko.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
UMahlaba usephinde wagxeka ukudutshulwa kwabo ngamaphoyisa njengoba ethi sekukhona nozakwabo asebeboshiwe.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Bongani Gina