Amahlathi Azophela Kothisha Abacwasa Ngokwebala

Written by on 13 July, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal uthi phansi ngothisha kanye nezikole ezinocwaso lwebala.

Loku kulandela umbiko okhishwe izolo ngesikole iGrosver Girls  High School eseNingizimu yeTheku,  lapho kwakunombhikisho wabafundi ababekhala ngokucwaswa ngokwebala.

Ungqongqoshe wezemfundo kulesifundazwe uKwazi Mshengu usememezele ukuthi kuqokwa ikhomishini ezophenya kabanzi ngobandlulo ezikoleni zakulesisifundazwe.

Umshengu uthi izikhalo eziningi bazithola kelezizikole okwakungezabelungu kuphela.

UMshengu uyanaba.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background