Amakhansela Angu-9 Asekhonjwe Indlela KuMasipala uMvoti
Written by Mduduzi Phungula on 27 July, 2023
By: Dawud Phungula
UMeya kaMasipala UMvoti, UPhilani Mavundla usekuqinisekisile ukuthi amakhansela angu-9 asekhonjwe indlela ngemuva kokuthi engazange alibhade emihlanganweni emine ilandelana.
Uthi lamakhasnela awazange abike noma asho imbangela yokungabi ingxenye yemihlangano yomkhandlu.
UMavundla uthi kulamakhansela, angu- 8 awe-Inkatha Freedom Party kanti elilodwa ele-Abantu Batho Congress.
Uthi umthetho awukuvumi ukuthi njengekhansela ukushaye indiva ukuba ingxenye yemihlangano.
Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM ubeke kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Uqhube ngokuthi azikho nezingxoxo ezingabakhona ukubuyisa lamakhansela ngoba ukwenza lokho kungabe kusho ukwephula umthetho.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.