Amalungu eANC Ahlomula Ngezimali Kungafanele – Powell

Written by on 25 November, 2020

By: Lindelani Mbatha

Oyisikhulu esiphezu eENS Forensics uSteven Powell usetshele ikhomishana ephenya istate capture ukuthi usekela ngqongqoshe wezobunhloli uZizi Kodwa wahlomula ngemali elinganiselwa kuR325 000 enkampanini yezobucwepheshe iEOH ngendlela emngaqondakali.

uPowell wethula ubufakazi phambi kwekhomishana eholwa nguRaymond Zondo eGoli.

Abanye abahlomule ngemali ngendlela engaqondakali kubalwa owayengumluleki kalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, uSiyabulela Zintwa, kanjalo nalowo owayengumgcinimafa weANC youth league uReggie Nkabinde.

Ephendula umbuzo kalowo ohola ubufakazi u-advocate Paul Kennedy, uPowell ubeka kanje.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background