Amalungu ka-ANC Asevimbele Elinye Iqembu Ukuthi Likhankase

Written by on 29 September, 2021

By: Bongani Gina

I-IFP isisole i-ANC ngokuzama ukuvimba nokulwisa amalungu ayo aqhuba umkhankaso ezindaweni eziseNtshonalanga yeTheku namhlanje.

Lesi sigameko sokuvinjwa kwamalungu e-IFP senzeke endaweni yaseMalukazi, ngaseMlazi eNingizimu yeTheku lapho ubuholi namalungu aleliqembu ebeyokhankaso eholwa ngusihlawo wesifundazwe uThami Ntuli.

Kuma video asesabalale ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala iqulu labantu abagqoke imifaniswano ye-ANC bevimbezela izimoto ze-IFP namalunga ayo, nokubalwa imoto ethwele isound yayo i-IFP.

Okhulumela i-IFP, uMkhuleko Hlengwa, uthi kubaphatha kabi okwenziwa ngamalunga e-ANC ngoba akwenzile lokhu nasemasontweni adlule evimba i-EFF kwaDambuza naseWillow Fountain eMgungundlovu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

UHlengwa uthi ngaphandle kwalokhu kuvinjwa kwabo umkhankaso weqembu uqhubeke kahle kakhulu kwezinye izindawo abazihambele.

Ephundula ngalesisigameko, uNhlakanipho Ntombela okhulumela i-ANC kulesifundazwe usenxuse amalungu abo ukuba angazivimbezeli ezinye izinhlangano ezikhankasayo ngoba azikho izindawo ezingo alubhadwa kulelizwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background