Amaphara Asetholakala Nase-Home Affairs

Written by on 26 May, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Ukuvuka kungakasi ngenhloso yokubamba imigqa emide emnyangweni wezaseKhaya kubukeka kungesiyona inkinga kuphela umphakathi waseMgungundlovu obhekene nayo.

Lokhu kulandela izikhalo ngemali abayikhokhiswa ngabantu abahlala emgwaqeni ababeka izikhala zabafuna ukuba phambili.

Abathenga lezikhala bathi loku kusiza ngoba abadingi ukusheshe bavuke beze kulama hhovisi ngoba bayazi banezikhala eziphambili.

Yize kunjalo, izakhamuzi eziqhamuka ezindaweni ezahlukene eMaritzburg ezingenayo imali yokukhokha zithi lenkinga seyiqhubeke isikhathi eside kulesikhungo kungekho sizo oluqhumukayo.

Zithi zibhekene nenkinga yokuthi zizithola zibuya izinsuku zilandelana kulama hhovisi asephenduke indawo yokwenza imali kulabo abahlala emgwaqeni.

Zikhuluma nezindaba zeGagasi FM, ezinye zezakhamuzi zibeka kanje,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background