Amaphoyisa Acela Ukufuniswa Umbulali

Written by on 26 August, 2021

By: Bright Ntuli

Amaphoyisa akwaZulu-Natal asekhiphe umehlo kaboni ka R20 000 kuloyo ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kowesilisa osolwa ngokubulala.

Abakwasidlodlo basho kanje kulandela ukubulawa kwabantu abathathu, abadutshulwa behlezi emotweni eZakheni, enyakatho esentshonalanga yesifundazwe.

Kanti abasolwa abangu-5 sebeboshiwe futhi basagcinwe ezitokisini zamaphoyisa, kuze kube baphindela enkantolo kamantshi khona eZakheni kusasa.

Oyiskhulumi samaphoyisa, uThembeka Mbele, uthi kunomsolwa oyedwa osagcwele amathafa, nabadinga usizo lomphakathi ukucingiswa yena.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background