Amaphoyisa Ahlangatshezwe Ngenhlamvu Kwafa Elilodwa

Written by on 18 February, 2021

By: Zilungile Mkhize

Iphoyisa selidutshulwe lafa ngesikhathi lona nozakwabo behambele indawo yase Welbedacht eChatsworth entshonalanga neTheku, ukuyophenya mayelana nesigameko sodlame lwasendlini.

Lamaphoyisa athe uma efika kulomuzi ehamba nommangali, ahlangatshezwa yimvula yezinhlamvu iqhamuka ngewindi edutshulwa ngumsolwa.

Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbhele, uthi oyedwa kulamaphoyisa udubuleke ngenhla kwe ”bulletproof vest” yakhe washonela khona lapho.

Uthi umsolwa ube esephuma endlini ezama ukuduba elinye iphoyisa kodwa wazithela phezu kwenhlamvu naye.

Khonamanjalo okhulumela abezimo eziphuthumayo uGarreth Jameson uthi akukho abebesangabasiza ngako.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background