Amaphoyisa Asesalelwe Amahora Ambalwa Ukuthi Abophe u-Zuma

Written by on 7 July, 2021

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi uma ungqongqonshe wamaphoyisa uBheki Cele kanye nokhomishana wawo uKhehla Sitole bengamubophi owayengumengameli uJacob Zuma namhlanje, bazotholwa benecala lokudelela inkantolo.

Ngesonto eledlule inkantolo yomthethosisekelo iyalele uZuma ukuba azinikele emaphoyiseni zingakapheli izinsuku ezinhlanu emva kokumthola enecala lokudelela lenkantolo ngokushaya indiva umyalelo wayo wokuthi ayovela kukhomishana kaZondo ephenya izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso.

Lenkantolo yaphinde yayalela uCele kanye noSitole ukuba bambophe uZuma ezinsukwini ezintathu uma ehlulekile ukuzihambisa esiteshini samaphoyisa esiseduze.

Usuku lokugcina lokuthi abakwasidlodlo bambophe luphela namhlanje ngo-12 ebusuku.

U-Zikalala uthi uma behluleka ukumbopha nabo bazobekwa icala lokudelela inkantolo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background