Amaphoyisa Athungatha Abalisa Abangu 4 Abasolwa Ngokubulala

Written by on 12 May, 2021

By: Bright Ntuli

Amaphoyisa akwaZulu-Natal amatasa athungatha umkhondo wabalisa ababili abasolwa ngokudubula babulale abantu abangu 4 eSigcakini ngase Richmond, maphakathi nalesifundazwe.

Ngokombiko wamaphoyisa abalisa ababili abayizelamani bebehleli nomngani wabo endlini yakubo ngenkathi behlaselwa yilabasolwa, bebadubula.

Aqhuba ngokuthi bobathathu laba badutshulwe amanxeba amaningi emzimbeni  bashonela khona endaweni yesigameko.

Oyisikhulumi samaphoyisa eKZN,  uThembeka Mbele, uthi isisulu sesine  sidutshulelwe emotweni eyi truck ebesiyishayela.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background