Amaphoyisa Athungatha Abasolwa Abahlasele Ehostela

Written by on 2 February, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Amaphoyisa athi asaqhubeka nokuthungatha abasolwa kulandela ukudutshulwa kubulawe abantu abane eHostela KwaMashu.

Kulesi sigameko kubikwa ukuthi Iqulu lamadoda angu-20 agasele ehlomile adedela ngenhlamvu.

Kulaba abane abadubulekile oyedwa ulimale kanzima waphuthumiswa esibhedlela wabe eseshonela khona

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Robert Netshiunda uthi yize bekungakaboshwa muntu okwamanje kodwa bayaqhubeka nokulandela imikhondo eminingi evelayo

U-Netshiunda uthi basaphenya nembangela yalesi sigameko.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background