Amaphoyisa Athungatha Abathumbe Abasebenzi eMandeni
Written by Mfundo on 4 April, 2022
By: Lindelani Mbatha
Amaphoyisa KwaZulu-Natal athi awaficanga muntu esigamekweni okusolakala ukuthi bekungesokubamba inkunzi kanye nokuthumba eSundumbili eMandeni, enyakatho yesifundazwe.
Kulesisigameko kungene abasolwa abangaziwa kwesinye sezitolo esidayisa ukudla siphinde siholele imali yesibonelelo sikahulumeni bavalela abasebenzi kanye nomphathi wesitolo.
Bekukholakala ukuthi nazo lezigilamkhuba zisekhona ngaphakathi kodwa uma amaphoyisa esevula ugulukudela bafice kunhlanga zimuka nomoya.
Oyikhulumi samaphoyisa uJay Naiker uthi izithombe eziqoshiwe ziveza ukuthi lezigebengu zingene zasheshe zaphuma kulesisitolo.
Khonamanjalo, Umeya kamasipala iMandeni uThabani Mdlalose uthi bashaqekile futhi badumele ngalesigameko.
U-Mdlalose uthi bayabonga amaphoyisa kanye nabaqaphi ebazimele ngokubhekana nalesisimo ngokushesha.