Amaphoyisa axwayisa ngokusebenzisa budedengu izikwebhisi.
Written by Phakeme Mnguni on 31 December, 2024
By: Zilungile Mkhize
Amaphoyisa kaMaspala iTheku asexwayise umphakathi ngokusebenzisa budedengu emva kwesikhathi esibekiwe uCricket noma ama Fireworks.
Okhulumela amaphoyisa kaMaspala uBoysie Zungu uthi leziqhumane zokuzijabulisa njalo ngomhlaka 31 December, zibekelwe ukuthi ziqhunyiswe kusukela ngo 23h45 kuya 00h15 ngenxa yomthetho oshaywe umasipala.
Uthi uma bengathola umbiko wokuthi sekuphazamiseke lemithetho, bazophoqeleka ukuthi bayophenya ngalesosikhalo, nokungaholela ekutheni umuntu azojeziswa ngenhlawulo ka R2500.