Amaqembu Aphikisayo Awayizwa Eyokuphuma Kuka-Zuma

Written by on 6 September, 2021

By: Zilungile Mkhize

Amaqembu ezepolitiki aphikisayo, asezwakalise ukungenami ngokunikezwa kwaloyo owayengumengameli uJacob Zuma ushwele wokuba aphume ejele.

Umnyango wezobulungiswa usunikeze okaZuma ushwele wokugula, kulandela umbiko ethi uwunikezwe ngodokotela nochwepheshe bezempilo.

U-Zuma wagwetshwa izinyanga ezingu 15 ejele ngecala lokwedelela inkantolo, kanti selokhu angena ejele ngo July isikhathi esiningi usichithe egunjini labagulayo.

uZilungile Mkhize uyabika,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background