Amaqembu Ezepolitiki Aseyayigoqa Imikhankaso Yokhetho
Written by Mfundo on 25 October, 2021
By: Zilungile Mkhize
Ziyisithupha kuphela izinsuku esezisele ngaphambi kokuba iNingizimu Africa iye okhethweni lohulumeni basekhaya, nolubhekwe ngabomvu amaqembu aphikisayo, asanda kusungulwa kanjalo nalabo abalungenele ngokuzimela.
Amaqembu amaningi achithe lempelasonto esiphuma kuyo ethe chithi-saka emiphakathini eyahlukene ekhankasela amavoti.
Izethembiso zempilo engcono, amanzi, ugesi, amathuba emisebenzi avuleleke kuwona wonke umuntu kanjalo nempucuzeko emiphakathini, ngezinye zezinto ezihamba phambili kuzethembiso ezibikwa emphakathini.
Umholi we African Independent Congress, uMandla Galo uthi abafune kwenza izethembiso, ngoba bazi kahle ukuthi imiphakathi ifunani.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, umengameli we ABR uAlfred Luthuli, uthi abafisa ukukulungisa kakhulu uma bengangena emandleni udaba lokuntuleka kwemisebenzi ngenxa yokuqashwa kwabantu bokufika emafemini nasezinkampanini ezibaleka ukukhokha iMminimum Wage.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.