Amaqola Abhubhudla Imali Yomphakathi Ethembisa Imisebenzi Nentuthuko
Written by Mfundo on 15 November, 2021
By: Bright Ntuli
UMasipala weTheku usuxwayise izakhamuzi ngezigilamkhuba ezingenanembeza ezihamba ziqola abantu ngegama lika masipala.
Lomasipala uthi labasolwa basebenzisa amagama ezikhulu zawo ukwenza umkhonyovu, njengoba lezigebengu zithembisa abantu imisebenzi, kanye nezinye izidingo bese zithi kumele bakhokhe imali ethize ukuze bayithole.
Oyiskhulumi sikamasipala uMsawakhe Mayisela uthi imisebenzi, amathenda kanye nezinye izidingo ezitholakala kumasipala azidayisi ngakho uma kukhona okufuna imali ukuthi uthole noma okukodwa kwalokhu, kumele wazi ukuthi uyaqolwa ubikele abomthetho.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.